Kungani amakomidi ezigceme kumele axhumane?
Yimiphi imigudu okufanele ilandelwe amakomidi ezifunda uma kuxhunywana?
Kubaluleke ngani ukukhuluma esidlangalaleni?
Kungani imiphakathi kufanele yazi ngoxhumana?
Amakomidi ezigceme angadlala indima ebalulekile ekuqiniseniukuthi imiphakathi ibe nezwi ezinqumweni zikahulumeni.
Ukukhuluma kuyindlela yokuxhumana elula nengenamgomo.
Ubuhle balendlela ukuthi iyashesha futhi impendulo ibuya ngokushesha. Ububi bayo ukuthi umbiko kulula ukuthi ungaqondakali ngenxa yobuningi babantu, umsindo njalonjalo.
Ububi obukhulu ukuthi ayikho into ebhalwa phansi ngobekushiwo, ekungabhekwa kuyona.
Ukulalela akufani nokuzwa. Ukulalela yilokho esifunda kulokho esikuzwayo - ukwenza lokhu kusho ukubandakanyeka okuhlangene.
Ezinhlanganweni ukubhala kubalulekile. Abantungeke bakwazi ukukhumbula njalo okushilokodwa uma ukhuluma nabo ngokubhala, kunobufakazi bomyalezo wakho. Yingakhokubalulekile ukudlulisa umyalezo okuyiwo ukuze ungasetshenziswakabi kuwena. Izibonelo zokuxhumana ngokubhaliwe, imininingwane yemihlangano, izincwadi, imiqulu yomthetho, umbiko olotshiwe wezindikimba, ibhodi lezimemezelo, incwadi yezindaba, incwadi yokuchachisa njll.
Abacwaningi sebethole ukuthi amaphesenti angu 35 ombikoowuthola ekuxhumaneni uqhamuka emiyalezweni ekhulunywayobese kuthi amaphesenti angu 65 avele ekuxhumaneni buthule.
Lokhu kuveza ukubaluleka kokufunda ukukhulumisana komzimba.
Kubalulekile ukuthi zonke izinkomba zokuxhumana buthule zivumelane nombiko oxoxwayo. Uma ngabe umbiko oxoxwayonenkulumiswano buthule kungavumelani, lokho kuyokwenzaukungezwani. Ukuxoxisana buthule kufaka isimo sephimbonokucaca kwezwi lakho, isimo sobuso, ukusebenzelana kwezandla nokunyakaza komzimba. Izinto eziyimvelo ezikuzungezile ziyenzaukuthi udlulise umbiko ogqamile njengokuthi uma ubambelaumhlangano endaweni engcolile, engabukeki kahle nomaenomsindo, lokho kungasho futhi ukuthi awubakhatheleli abantuabazobe bekhona.
Ukuxhumana okuhle kungasiza kunoma iyiphi imisebenzi ekhishiwenoma umsebenzi. Kodwa ukuxhumana kungebe impumelelongenxa yezizathu ezithize.
Uma kukhona ome phambi kwephepha lokwazisa, nomaumbhalo ephepheni lokwazisa mncane futhi ongafundekiukude.
Uma abantu bekhathele bengazimisele ukulalela inkulumoende.
Abantu abadala bezizwa bengakuthokozeli ukulalelaabantu abancane noma abesilisa belalela abesimame.
Uma umuntu okhulumayo enganikezi abantu ithubalemibuzo nokufaka imibono.
Abantu bangacikeka uma kukhulunywa kakhulu.
Kunezindlela ezahlukene zokwenza ukuxhumana kube yimpumelelo.
Ukubheka ngqo uma ukhuluma nabantu.
Qondisisa kahle ukuthi yiluphi ulwazi ofuna abantu balutholengaphambi kokuthi nikhulumisane.
Unganikezi ulwazi oluningi ngesikhathi esisodwa.
Bamba imihlangano ngenkathi abantu bengakakhathali.
Qikelela ukuthi awukho umsindo omkhulu ozophazamisaabantu.
Nikeza abanti ithuba lokubuza imibuzo basho nemibono yabo.
Buza imibuzo bese uthole imiqondo yabantu kulokhoabakhuluma ngakho.
Vama ukunikeza amanothi afingqiwe alokho obekushiwo.
Sebenzisa imisho emifushane, amagama alula, sebenzisaizibonelo nezibonelo ezizokwaziwa abantu.
Sebenzisa izindlela ezifanele zokuxhumana ezimweni ezahlukahlukene.
Sebenzisa imidwebo ukudlulisa imilayezo ebukhuninjengokuthi ukudweba isikweletu sikagesi noma imithaukukhombisa ukuthi ifundwa kanjani.
Sebenzisa izindlela ezahlukahlukene/ ngezikhathiezahlukahlukene ukuxhumana ngomlayezo ofanayo.
Qaphela ukuthi umzimba wakho uwusebenzisa kanjani.
Khumbula ukuthi kunezizathu zokuthi amakomidi ezigcemekungani kufanele axhumane-ukuthola izidingo zomphakathi, ukudlulisela loku kumasipala, nokwazisa umphakathingokwenzekayo kumasipala. Ziningi izindlela zokuxhumananomphakathi. Ezinye izindlela zisebenza kangcono kunezinye.
Ake sibuke eminye yalemigudu yokuxhumana.
Kumele bazi ngalokhu.
Loluhlobo lwemihlangano lusho ukuthi uhlangana neqoqo labantuesigcemeni. Lomhlangano kungaba owabantu bomgwaqo othile, esigcemeni, iqoqo elithile labantu njengeqoqo lothisha.
Lemihlangano iyasiza ikakhulukazi uma amakomidi ezigcemeefuna ukudlulisa ulwazi olunzulu kubantu. Emihlanganweniemincane abantu banethuba lokubuza imibuzo bese bexoxisana nesikhulumi.
Kubalulekile ukuthi wonke umuntu esigcemeni athole ulwazialufanayo noma ngabe ikomidi lesigceme linamalunguangakanani. Imihlangano emincane isho ukuthi amakomidiezigceme azochitha isikhathi esiningi emihlanganweni futhingesinye isikhathi amakomidi ezigceme angeke alinde isikhathiesiningi adinga ulwazi ngokushesha. Imihlangano nemiguduyokuxhumana kumele ihlelelwe ukuzuza ukuhlanganyela kodwaibe icabangela izimo lapho izimpendulo zidingeka khona.
Enye indlela ikomidi elinganikezelana ngayo ngolwazi nesigceme, ukuvuleleka kwanoma ubani esigcemeni. Indlela yokuvulelekaingakhonjiswa esigcemeni ngokuthi amalungu omphakathiavuleleke ukufunda amaminithi emhlangano yekomidi uma ufuna.
Imihlangano ingeke yakwazi ukuqeda konke - lokhu kungathathaisikhathi eside - kodwa abanye abantu kungenzeka bafuneimininingwane. Kungenzeka ukuthi abanye abantu bangakwaziukufunda ngakho-ke amalungu ekomidi kumele azimiseleukuphendula imibuzo evela emphakathini mayelana nendlelaumasipala asebenza ngayo noma banikeze iziyalo mayelananokuthi ubani ongabaphendulela imibuzo yabo noma axazululeizinkinga zabo.
Umasipala usebenzisa imigudu eminingi yokuxhumana namalunguomgwamanda.
Imisebenzi ekhishiwe, isibonelo: umsebenzi wokwakha izindlu, umsebenzi ophathelene nengculazi njll.
Iziphathimandla ezixhumana nomphakathi.
Amakomidi ezigceme kufanele acacelwe ukuthi ngubaniongakhuluma nabezindaba nanokuthi yini angakhuluma ngayo.
Ikhansela lesigceme yilona elingakhuluma nabezindaba njengobakuyilona elakhethwa ukumela ikomidi lesogceme futhi yilonaelingakwazi ukufinyelela olwazini lomkhandlu. Kuwumqondoomuhle ukuthi kube nemithetho mayelana nokusebenzisananabezindaba ukuze kungabi khona ongena enkingeni.
Ukukhuluma esidlangaleni kuyingxenyeebalulekile yomsebenzi wekomidi lesigceme.
Amalungu amakomidi ezigceme avamiseukuxhumana nabantu bengamaqoqo, okubizwa ngokuthi ukukhuluma esidlangaleni.
Kufanele ucabange ukuthi uzonikeza inkulumo enjaninokuthi uhlose ukuzuzani. Kufanele wazi ukuthi injongoyakho ukwazisa, ukuheha noma ukujabulisa abantu.
Uma usucabangile ukuthi luhlobo luni lwenkulumo, kufaneleucabange ukuthi uzokhuluma kubani. Kumele uuhleleinkulumo yakho ihambelane nohlobo lwezethameli kanje.
Hlela lokho ozokusho, hlela amaphuzu akho, amaphuzuamqoka, uqale ngesingeniso esimnandi ukuze uzuze abantubese ugcina ngesiphetho esifanelekile.
Hlela isethulo/indikimba. Kuwumqondo omuhle ukwazingekhanda isingeniso sakho kodwa hhayi inkulumo yonke.
Sebenzisa izingqwemba noma amaphepha ukubhala lokhoofuna ukukusho. Kubalulekile ukwenza uhlelo lube lufushane.
Yehlisa amaphaphu. Noma ngabe uzizwa uthukile, izethameli ngeke zikubone lokho, futhi uma ukulandelilelokhu okungenhla, akufanele ube nenkinga ngenkulumoyakho. Donsa umoya uma uzizwa uthuka, khuluma kakhulu, kucace bese uma uqonde kodwa yenza umzimba wakhoukhululeke ungagqilazeki. Gxila ekudluliseni umlayezowakho - uma uqikelela ekwenzeni abantu ukuthi baqondelokho okushoyo ngeke uze ube naso nesikhathi sokuzwauvalo.
Omunye umsebenzi obalulekile wekomidi lesigceme ukukhuthazaukuhlanganyela komphakathi. Inkinga enkulu ekuhlanganyeleni komphakathi ukungabibikho kolwazi, esigcemeni somphakathi.
Amalungu omphakathi kungenzeka angazi ngamakomidi esigcemenoma ngohulumeni basekhaya nanokuthi kubathinta kanjanibona njengomphakathi ukwakha ukuzumbandakanyaemphakathini. Ngakhoke ukwakha ukuhlanganyela emphakathiniikomidi lesigceme kumele lenze umphakathi wazi. Ukuqondanokwazi kungamandla futhi ikomidi lesigceme limele ukwakhaamandla emphakathini walo.
Lolulwazi kungaxhumana nini ngalo emphakathini?
Yiziphi izinto ezidingekayo uma kuzokhulunyiswanangalolulwazi emphakathini?
Ezikhathini eziningi umasipala wakha olwakhe uhlelo lokuxoxisana.
Yiziphi izinkinga eninazo ukuthi isigceme senu saziwe?
Yiziphi izindlela zobuholi obuqotho, namakhono adingekayo?
Yini umehluko phakathi komholi nomphathi?
Umholi oqotho kumele abenaziphi izimpawu?
Njengamanje uhulumeni wasekhaya usesikhathini lapho ubuholi kubalulekile kakhulu kunakuqala.
Izinga likahulumeni wasekhaya lokushintsha ukwethulwa kwezinsiza emiphakathini lizoncika kakhulu ebuqothweni babaholi bethu.
Amalungu ekomidi lesigceme abanye abaholi abazothola kusemigomweni yabo ukuletha ushintsho esimweni sikahulumeni wasekhaya. Intuthuko yomphakathi izoncika kakhulu kumakhono obuholi bamalungu ekomidi lesigceme.
Ubuholi buyisikhali esingasiza ikomidi lesigceme ekuhleleni nasekuhlanganiseni umsebenzi walo kahle ukuze likwazi ukusebenzisa amasu alo.
Bungasiza futhi ukuphakamisa izinga lokuziphendulela ngempumelelo yekomidi, isigceme kanye nezinhlelo zomphakathi. Izinhlelo zivame ukuncika kwiIDP. Ukuze noma iziphi izinhlelo ziphumelele, kudingakala umuntu ozokwazi ukuhola ikomidi nomphakathi.
Ubuholi busho futhi ukudlulisa ulwazi kubantu, kuchazwa izifiso, izimpokophelo izinhloso nezinhlelo zamakomidi ezigceme kanye nokunikeza imisebenzi nemilayezo, nokuthatha noma ngabe iziphi izinyathelo ezidingakalayo ukuze kufezeke izinjongo futhi kumelwane nodweshu.
Ngokomthetho ubuholi kumakomidi ezigceme busho ukufaka umoya nokuholela ukwenza kwabantu ekomidini lesigceme nasemphakathini ngendlela ezobenza bazijube ngokwabo ukuthi bafeze izinjongo zikamasipala.
Ukuphatha iqembu labantu akusho ukuthi usunezimpendulo zonke.
Kuchaza ukuthi uneqembu labantu abazokusiza ukuthi uthole izimpendulo futhi uthole nemiphumela edingakalayo. Ngeshwa, esikhathini esiningi ilokhu abaholi abakukhohlwayo!
Abaholi baphambanisa ubuholi nokushiqela bese becindezela izilokotho zabantu kanye neqembu elibasebenzelayo, noma bathathe enye indlela bagxile enhlanganweni nezinhlelo bakhohlwe ubuntu.
Ngale kwenkolo ejwayelekile, ubuholi akubona obozalo. Ubuholi bihlanganisa ubuchule bokunhlangananyela kanye nobuchule bokwazi ukwenza abantu bazijube ngokwabo ukuthi benze umsebenzi okufanele wenziwe. Lobubuchule bungafundwa.
Umshini wobunhlangano kumele uvuthelwe ukuze kwenzeke izinhlelo zabaphathi bomsebenzi. Ubuholi bubeka inhlangano emgqeni.
Isibopho esikhulu samalungu kuwona wonke amazinga enhlangano ukuqondisa nokugqugquzela umsebenzi wabantu emsebenzini okhishiwe.
Ubuholi kumele buphendule amacebo abe amaqiniso.
Kuwumgomo obalulekile womholi ukuthi ahlanganise futhi adidiyele izinqalazizinda zabantu nokwenza kwabo ukuze kufezeke izinjongo zenhlangano, lapha okusho ikomidi lesigceme.
Ukugoqa lokhu esesikushilo - ubuholi buchaza ukufaka umoya nokuqondisa ukwenza kwabantu ekomidini lesigceme nasemphakathini ngendlela ezobenza bakuphokophele ngokwabo ukufuna ukufeza izinjongo zikamasipala.
Ubuholi abusiwona kuphela umqobelo wempumelelo, kodwa bungomunye obaluleke nakanjani. Ukwenza amakomidi ezigceme aphumelele kakhudlwana, kungakuhle ukuthi wonke amalungu amakomidi ezigceme abe ngabaholi.
Hlala egunyeni. Inhliziyo yokulokotha nomaukuqala ukwenza.
Ukwazi ukubekezela uma iqembu lihlehla ngobalidikibala noma lingenawo amandla okubekezela.
A. Umqashi B.
Amalungu ekomidi kumele abhekele izidingo nezimfunozamalungu emikhandlu noma namaqembu endawo emikhandluasesigcemeni sawo.
Ubuholi obuhle abuhambi nje bungenamininingwane. Kunabaholibamanqamu abahle abahlulekayo ngesikhathi 'esigozolele.'Kunabaholi abahle kakhulu ezindabeni ezithintana nezimo zomphakathi ezinzulu kanti bona futhi behluleke uma bezamaukuhola isimo lapho ezomnotho ziphambili ohlweni lwenkulumo.
e Ukwazi ukukhusela ukwethembeka kubantu ngobuqotho.
f Ulalela konke okushiwoyo nxazonke zomphakathi.
g Umshumayeli nomgqugquzeli ovelele. Kumele akwazi ukuthengisa umbono agqugquzele abantu ukuthi bawamukele bese besimbandakanya nawo.
h Ukuvuma ukushintsha isimo.
i Ukuvuma ukuthintana nongaba isitha.
j Umdlali weqembu: Umkhandlu ophethe wanoma imuphi umphakathi uyiqembu labaphathi futhi kumele uziphathekanjalo - hhayi njengembumba ethwele olayo uhla lwezinto.
Akesabi ukucela usizo: umholi kumele akholwe ekuphatheningeningi. Lokhu kudinga amakhono amahle kakhuluokunikezela kwabanye umsebenzi.
p Uvulelekile emibonweni nasekugxekweni kwemibono yakhe.
q Uvuma ukuhola okunemfundiso kwabamlandelayo.
r Uvuma ukukhulumisana nezinye izinhlelo zomphakathi.
s Uvuma ukubona nokuvuma amaphutha akhe.
t Ukholelwa ebulungisweni, ngobuqotho nokulingana.
Ake ucabange umuntu omthatha njengomholi omuhle.
Bubaluleke ngani ubudlelwano?
Izinkinga zixazululwa kanjani?
Kusho ukuthini ukusebenza ngokuhlanganyela?
Sibagqugquzela kanjani abanye?
Kuyini ukwahlukahluka ngamasiko?
Kubaluleke ngani ukulalela?
Kubaluleka ngani ukubekezela?
Sibahlonipha kanjani abanye?
Ukuzithiba nokuqondisa kusho ukuthini?
Amakhono obudlelwano abalulekile kunoma ubani ofuna ukuba nobudlelwano obuhle nabantu abaseduze kwabo kungabaezimpilweni zabo, emphakathini noma emsebenzini.
Cabanga ngomhlangano osanda kuwethamela.
Kuloku okubhalile lamakhono angezansi abekhona?
Amaqembu akhiwa ngobudlelwano phakathi kwamalungu.
Kuyiphutha lendalo ukucabanga ukuthi uma izinto zizinhle, zohlalazizinhle. Ukuze iqembu libe nemiphumela emihle futhi lizameukwenza izikhathi ezimnandi zihlale zikhona, kufanele likwazi ukubhekana nezimo ezilukhuni ngendlela eyiyo.
Wonke umuntu unaye umuntu ambona elukhuni.
Kujwayelekile ukuthi kubekhona oyedwa olukhuni eqenjini.
Uhlale ethikazisa/akalaleli Qhubeka nokukhuluma usebenzise izinkomba ngokuziphathaisibonelo, 'uma unginika ithuba lokuqedela' Mcele ngesizotha lowomuntu ukuthi angaphazamisi.
Akakubuzi ngemibono noma imicabango yakho.
Cela impendulo ngemibono yakho futhi uthole ukuthi imibono yakho bayayiqonda yini, isibonelo, nicabanga ukuthini ngalemibono yami Mhlawumbe ngingachaza ngenye indlela?
Ucindezela imibono yakho noma uphakamisa izinkinga.
Cela izimpendulo futhi uthole ukuthi imibono yakho bayayiqonda yini bese ubheka nokuthi zikhona yini izizathu zokungavumelani kungokomoya nje. Bacele ukwakha phezu kwemibono yakho, isibonelo, buza ukuthi uma becabanga, imibono yakho ingasebenza na Mhlawumbe imibono yabo ingasiza ukuthi eyakho isebenze?
Bheka ukuthi bayayiqondisisa imibono yakho ukuzama ukubona ukuthi basho ukuthini. Isibonelo, Vumelana nabo, ubuze ukuthi bayavuma yini ukuthi uma benza kanje basho lokhu: ukuthula kwabo kusho ukuvumelana na?
Uhlale ungenasiqiniseko sokuthi bayavumelana nemibono yakho noma cha.
Cela izimpendulo ngemicabango, nemibono yakho futhi ungacabangi ukuthi bayaphikisana nayo. Isibonelo, Manje, nicabanga kanjani ngalemibono Futhi singayisebenzisa kanjani?
Bakhuluma kakhulu Ungabanaki kodwa uphawule ukuziphatha kwabo.
Ubacela ngesizotha ukuthi banike abanye ithuba lokukhuluma.
Kwesinye isikhathi ukuguqula ukuziphatha kwabantu akwaneleukuxazulula izinkinga. Uma lokhu kwenzeka, kumele ubhekanengqo nenkinga. Ukutshela abantu ukuthi ubathola belukhunikuyingozi futhi kungenza inkinga ibhebhetheke. Nakhuongakwenza ukuzama ukuthi inkinga ingabhebhetheki.
Babuze ukuthi kungani beziphatha ngendlela abaziphathangayo-buza kanje: Imibono yami niyidicilela phansi ngobanicabanga ukuthi mibi?
Uma kungenzeka yihlakaze inkinga enkulu ibe izicucu ezincane.
Bhekisisa izinqumo ezikhona noma wakhe izixazululoezingasebenza: Yiziphi izinqumo engingazisebenzisaukuxazulula lezinkinga.
Khetha indlela efanelekile: Khetha izinqumo ongazithatha ukuxazulula inkinga.
Hlaziya: Bhekisisa ukubona ukuthi lesinqumo osikhethile sisebenzile yini ukuxazulula inkinga.
Amalungu ekomidi kungenzeka aqhamukeezinhlanganweni ezahlukene futhi abenemibono eyahlukene, kodwa kuhle akwaziukuzwa ukuthi wonke ayingxenye yeqoqoelilodwa- iqoqo eliphethe izindaba zesigodi.
Kwenzekani ukuze iqembu lakheke Okubalulekile kakhuluukuthi baqoqe ulwazi ngemininingwane ngelungu ngalinyenangendlela elibona ngayo izinto. Bakwazi ukuthi ilelo nalelolunguliwumuntu onezinjongo nezinkinga. Ngaleyondlela, bayafundaukwethembana, nokuqonda lapho lelolungu limi khona. Isikhathiesisetshenziswe ngendlela enhle amalungu endawonye sibalulekekakhulu. Yingakho-ke ukuhlangana njalo kusheshisa ukwakhekaizinhlelo zokwakha ukusebenzisana. Ukuchitha isikhathi esikhulu ndawonye kungenza lezinhlelo zisheshiseke kakhulu?
Bakhuthaze , ubabandakanye, ubanike umsebenzi, ubalalele.
Tshele wonke amalungu eqembu okulindeleke kuwona.
Ncome umsebenzi omuhle owenziwe.
Cele babuyise imibiko noma mihle noma mibi.
Nike lelo nalelolungu ithuba lokwaneliseka emsebenzini, ukuzithuthukisa nokuqamba okusha.
Ukubonelela amazinga okugqugquzeleka, namakhono.
Ukubaqotho kubantu ngaso sonke isikhathi.
Ukubakhona uma udingeka ngaso sonke isikhathi.
Singatha iqembu noma ngabe linamaphutha.
Yenza amalungu eqembu akhululeke ngawe, nangawo.
Ukuze abantu bakwazi ukusebenza kahle, kubalulekile ukuthi lowo nalowo muntu azizwe ebalulekile futhi agqugquzelwe ukuthianikele emphakathini wakhe. Ngesikhathi sobandlululo abantubaseMzansi africa, babetshelwa ukuthi alukho oluhlanganisaabantu bezinhlanga namasiko ahlukene. Kodwake, njengobasesaziakusafani manje. Siyazi manje ukuthi ukwahlukana kwethu yikonaokwandisa ukwazisana kwethu. Isibonelo, uma ufuna ukuthola isixazululo senkinga, kungaba kuhle ukuthola izinhlobonhlobozabantu ukunika imibono. Lapho ususethubeni lokuthathalowombono odluleleyo noma omuhle kunayo yonke.
Bhekisisa umcebo ongaqhamuka ekwahlukaneni, kuthuthukiswe amakhono angaholela emiphumelelweni engcono.
Ukugcizelela ubudlelwano phakathi kwabantu okuyikhonaokwakha ukusebenzisana okuhle.
Ukulalela elinye lamakhono obudlelwana elibaluleke kakhulu.
Kukhona abantu abakwazi ukulalela kahle kanti kukhona abangakwazi. Labo abantu abanochuku bajwayele ukufunaukuqhakambisa eyabo imibono kanti laba abacabanga buthuleeyabo imibono kanti laba abacabanga buthule uyalalelangaphambi kokuthi akhulume.
Ukulalela kungafundelwa futhi kubandakanya ukuzithiba, ukuhlonipha kanye nokubekezelana. Uma ungamuzwa umuntu, kukuwena ukumisa inkulumo ukhombise ukuthi awuzwa.
Kungumsebenzi wakho futhi ukubheka ukuthi uyaqonda kahlehle ukuthi lo okhulumayo uthini noma uzama ukuthini. Kuyintoenhle ukummisa okhulumayo njalo, uphinde amaphuzu abalulekile.
Lokhu kubhekelela ukuqonda futhi kuqiniseke ukuthi bobabiliabaxoxisanayo bayacacelwa okuxoxwa ngakho.
Inkulumo engezwakali, ukunweba noma ungawakhiphikahle amagama.
Umongo wolwazi, noma izihloko ezilahleka ngenxayokutolika okungekona.
Umsindo endaweni njengomculo omemezayo.
Lo , olalela angasho ukuthi uyezwa kanti akazwanga nomaakaqondanga lutho. Kwesinye isikhathi athule nje ngobaehlonipha isimo- isibonelo, uma kukhona ukwahlukanangamasiko.
Izinkulumo ezinde, ezomile futhi ezingenamdlandla.
Kungakho-ke kufanele silalele okushiwoyo bese ubhekalawomaphuzu esingawaqondisisi kahle.
Abantu abaningi abakwazi ukubekezelela abanye, bafuna njekulalelwe bona kuphela. Umake kusetshenzwa nabantu nomanezimo ezilukhuni kubalulekile ukuthi kusetshenziswe ukubekezelana. Akusho lokhu ukuthi kumele uvele uthule nje, uvume konke. Hlakanipha ulalele, uma ufuna ukuveza umbononoma ufuna ukuzwisisa, kwenze lokho ngendlela enesizotha.
Uma kukhona okhulumayo futhi engakuniki ithuba lokuphendula, bhala phansi amaphuzu bese ucela ithuba lokuphendula.
Kubalulekile ukuthi abantu bangahluthukelwa izinhliziyo ngobaukuthukuthela ngeke kukusize ekuxazululeni izinkinga. Uma ungenaso isineke nokubekezela, kujwayelekile ukuthi ugcineusulahlekelwe isithunzi. Njengomholi abantu babheke futhibathembele kuwena ukuthi ubekezele ekuvumeleni ukuthi zonke iziphakamiso/imibono izwakale futhi iphenywe.
Kuyimvelo ukuthi umuntu alindele ukuthi wonke umuntu uzobanemibono, nemiqondo, akuthandayo nangakuthandi okufananokwakhe. Kodwa-ke njengoba izimvelaphi zethu ngokwamasiko, izilimi, nokwazi zehlukene, sohlala sibona izinto ngokungafani.
Kulungile ukungavumelani nabanye, kodwa kufanele naweuhloniphe ukuthi nabo labo banelungelo lokungafani nawe.
Ukuzithiba kuyiwona khiye wokwakha ukuhloniphananokuthembana emphakathini. Ukuzithiba kusho ukuthi uyakwaziukuzibamba ekuthukutheleni, ekujabuleni ngisho nasolwiminilwakho. Njengoba sekuke kwashiwo, kungcono ume, ucabangephambi kokuthi ukhulume kakhulukazi uma kukhona okukucasulilenoma okukudinile.
Ikuphi okufanele nokungafanele kwenziwe ekuxazululeni udweshu?
Imaphi amakhono okuxazulula udweshu?
Iziphi izindlela ezahlukene ongazisebenzisa ukuxazulula udweshu?
Ekuxoxisaneni nemiphakathi yethu nsukuzonke, kubakhonaizikhathi lapho udweshu nokungazwani kubakhona ngenxayokungazwani noma ukuhlephuka kwenkulumo. Uma kwenzekalokhu, kufanele ukwazi ukusebenzisa amakhono okukhuluma ukuzama ukuxazulula lolo dweshu. Ekuthatheni indima yokubaikhansela noma ilulngu lekomidi lesifunda, uzithola njalousuhlanganiseka ekuxazululeni udweshu lomphakathi.
Udweshu luyimiphumela yokuhlukahlukana kwemiqondo okungabakhona. Lujwayele ukuvhazwa ngendlela okungeyona yokungezwani, ukulwa, ukudonsisana nokuphambana kwezifiso. Abantu banokulinyazwa udweshu bese kulimazeka ubudlelwano obunesikhathi nobunenqubekela phambili. Udweshu luphazamisa ukunethezeka kwenhlalayenza bese iqhudelana nathi ekuhlaziyeni kabusha indlela esenza nesibona ngayo izinto.
Akuhlale njalo kuyindlela okungeyona kodwa kakhulu umfutho ongakhipha imiphumela eyakhayo.
Udweshu lungaba noma yini esuka empikiswaneni kuya empini lugcine seluveze isithombe okungesona. kodwa lunguba nomkhanya uma luxazululwe ngendlela.
Izimbangela zodweshu azipheli kodwa zingahlukaniswa ngezigaba ezintathu futhi izingxabano eziningi zihlanganisa ezimbili noma ezintathu zalezizigaba.
a Udweshu lokubanga ingcebo.
b Udweshu lwezidingo zengqondo.
c Udweshu oluhlanganisa amagugu.
Udweshu lokubanga amafa: uhlobo olulula ukubonakala nokuxazululwa. Ngokujwayelekile abantu bafuna into eyodwa kodwa enganele ukubanelisa bonke.
Udweshu lwezidingo zengqondo: Intsha ingaba nezidingo eziningi ezifana namandla, nobungane ukuzimbandakanya kanye nobungcweti. Izingxabano zaloluhlobo zinzima kuzixazulula ngoba umuntu angazifihla izidingo bese ekhombisa ukunganeliseki ngezinye izindlela ezingeyona imbangela yangempela.
Udweshu oluhlanganisa amagugu: Lezi akuzona izinto ezinzima ukuzixazulula njengobaamagugu eyisisekelo sezinkolelo zethu.
Izinselelo zamagugu ziphinde zibe izinselelo zezimpilo zethu.
Siziphendula ngendlela ejulile yokuzovokela nenamandla. Kunzima ukuhlubuka ezifanekisweni ezindala bese sikhetha ukwakha izimpendulo ezintsha. Futhi uma udweshu olubangwa ukuhlukana kwamagugu luxazululwa kuphela esigabeni sengcebo nezidingo, lungubuye luvele kwezinye izinhlelo.
Ukuxhumana kwezepolitiki - ukufuna ukubusa.
izidingo - ukuqhudelana ngengcebo enomkhawulo.
Ungabheki umuntu kodwa isimo.
Udweshu luyindlela ethize yokuqhudelana phakathi kwabantunoma amaqembu okujwayele ukuphelela ekulimazekeni komzimbanoma ingqondo noma kuhlukumezeke omunye umuntungokuyinhloso.
Lusiza ekukhuleni komuntu uma kunokubhekwa odweshwini.
Udweshu lungenzeka ngesimanga sabantu behlanganisa nomabekhulumela izinjongo ezithize, izintando, izikhundla nemibono.
Ngesinye isikhathi lwenzeka uma kuphokophelana imisebenzinezidingo zabantu, zamaqoqo abantu kanye namaqembu.
Kungenazinjongo zokugcina ubudlelwano noma vele kwake kwaliwa naphambilini.
Kunokukhuphuka kwezinga lokuthukuthela, ukwesaba nokudideka.
Amazinga okuthukuthela, ukwesaba nokudideka zivezwa obala zingafihlwa.
Ababandakanyayo bekwazi ukusebenzisa amakhono abo okuletha ukuthula futhi bevuma nabo ukusizwa.
Isithunzi somuntu singanyathelwa.
Abantu abahlukene baxazulula udweshu ngezindlela ezahlukene.
Ushaka - 'Yenza ngendlela yami noma ungenzi'Lapha kunesimo sokufuna ukuzidelisa, noma ngabe abanyebathini.
Amasu: qhudelana, phatha, hlula ngomqondo, phoqa, ilwa.
Uvame ukuba: ophoqayo, uthuswaukuphikiswa, akanandaba nezidingo zabanye, akalalelisisi.
Isimo lapho amaqembu abangsayo efuna ukwanelisa ngokugcwelezonke izimfuno zawo wonke umuntu.
Intshe 'Udweshu Udweshu lwani?
Upopayi - ' Kulungile konke okushoyo kumina.
Isimo lapho omunye kwabaxabene ebeka ezabanye izikhalo phambi kwezakhe.
Ujakalase - ' Ngizokufakazela nawe uma wenzenjalo kimi.'
Isimo lapho omunye nomunye engxabanweni ezimisele ukungatholikonke akufunayo.
Amasu: bheka ezinye izindlela, qoqa ulwazi, vumela ukuxoxisana, bese ubeka ngokusobalaizidingo.
Sivame ukuba: sikhulu endabeni, siyavuma ukushintsha, siyanikezela ngomsebenzi, siyazinaka zonke izidingo zabantungokwethembeka, siyalalelisisa.
Ucabanga ukuthi ungumuntu onjani Bhala phansi ukuthiucabanga ukuthi ungaluxazulula kanjani udweshu?
Iyakujabulisa indlela oxazulula ngayo udweshu Uma kungenjalo, ungenzani ukushintsha?
Iziphi izinyathelo ezingathathwa umakuxazululwa udweshu?
Cela icala ngalinye ukuthi lichaze ngowalo umbono, izimpikiswano nemimoya yelinye icala.
Iyini injongo yokuxoxisana?
Sisonke, sithole izihloko ezibanzi eziyinkinga kumaqembuwonke nalezo okuvunyelwana ngazo.
Sibheka izindaba noma izihloko okumelwe zixoxwe.
Amaqembu kumele avunyelwe futhi agqugquzelelweukubeka imibono yawo etafuleni.
Buzisisa kahle yonke imibuzo nemibono uqiniseke ukuthiuyiqonda kahle.
Uzithola kanjani izixazululo?
Uyikhetha kanjani indlela okuyiyo?
Khetha indlela evumelana nendlela yezinjongo nengacheminezovumelana namaqembu womabili.
Ukwenza kanjani lokhu?
Wake wabandakenyeka yini ekuxoxisaneni esigcemeni sakho?
Uma kunjalo, kwaba nempumelelo?
Bhala phansi ukuthi wenze njani uma uxoxisana bese ubhalaukuthi ungashintshani kulokho owakwenza ngesikhathi esizayo.
Kuyini ukukhandleka kwengqondo?
Kubangwa yini ukukhandleka kwengqondo?
Kungakwenzani ukukhandleka kwengqondo?
Kungenziwani ukuze kukhalinywe noma kumelwane nokukhandleka kwengqondo?
Ukwenza umsebenzi ongawuthandi noma ongakufanele.
Uba nezingozi, uyachithileka, udla izidakamizwa, ushesheuthukuthele, udla kakhulu noma kancane kakhulu, uyaphuza, ubheme kakhulu, ukhuluma ungaqedi, uhleka ngokwesaba, wenza izinto ngobutatata futhi uqhaqhazela.
Uba nobunzima bokuthatha izinqumo, ube nokwenza zonkeizimo zibe zimbi, izinga lokuqala izinto liyehla, ube nobunzima bokuxazulula izinkinga, ukhohlwe kalula, uphatheka kabimashishane uma ugxekwa, awusalaleli, awusahleli kahleumsebenzi nowunikiwe, ukhalamasinyane, ube nesithukuthezi.
Isifuba somoya, izinhlungu esifubeni, izinhlungu zeqolo, isifosenhliziyo, ukukhishwa isisu, ukuwa nesiyezi, ukuqunjelwa, ukuchama kaningi, ikhanda, ikhanda lamehlo, ukuhanjelwaingqondo, amaphupho amabi, ukungalali, ukuhlanya, iskhumbaesibi, izilonjana, nokulahlekelawa imizwa yobuntu.
Uphutha kaningi, awukhulumi kahle, iziteleka, awunaki umsebenzi, ulimala kaningi, ukuphikisana okuningi, awunandaba nabanyeabasebenzi, awanileseki umsebenzi, awukhiqizi ngokwanelisayo.
Wake waba sesimweni esikhandla ingqondo, sidala imigomoyokuba ilungu lekomidi yesigceme Kwakubangelwa yini lokhu?
Imiphi imicabango owabanayo eyenza ukuthi ukholwe ukuthiukhandlekile engqondweni?
Wenzani/ yini ongayenza ukudambisa izinga lokukhandleka?
Bangaki abantu abadala abangakwazi ukufunda nokubhala?
Siyini isibopho sikaHulumeni kwi ABET?
Kungabe kuyinkinga yini ukungafundi endaweni yakho?
Uma kunjalo ucabanga, ucabanga ukuthi lokhu kuwenzelani umsebenzi wakho wesegceme?
Yenza uhla lwezinye izinkinga ongazicabanga.
Uma ngabe usukwazile ukufunda ufike lapha, unenhlanhla.
Ubuzwe obunyakazayo - ukufunda ngamanye amazwenemizabalazo yabo nokusebenzisa imitheshwana ebanzietholakala kumthethosisekelo ukuzithuthukisa nomphakathi.
f ngacwasi ngokwebala g bhaliswe ngokomthetho kuHulumeni futhih esigcina izinga elingekho ngaphansi kwezinga lezikole zikaHulumeni okungaqhathaniswa nazo.
Isigatshana asikushiyi ngaphandle ukuxhaswa uHulumenikwezikole ezizimele.
Uhulumeni kumele futhi akhombise ukuthi uyakungezaukutholakala kwemfundo nokuqeqeshwa kwabantu abadalaokuqhubekayo.
Uhlobo lohlelo lwemfundo kumele lube usizo, lufaneleke, lwethulwe ngolimi lomfundi uma kunesidingo kuvalweisikhala sokunganakwa esikhathini esidlule.
kwenza ukuthi kwakhiwe, kubuswe futhi kuxhaswe izindawo zokufunda zabantu abadala.
Kwenza ukuthi kubenendlela yokuqinisekisa isimo esifanelenendlela yokuqinisekisa yokukhulisa isimo esifanele seABET.
Kufanele kube nezindawo zokufundela zikaHulumeni ezixhasiwe nomakuphi lapho kudingeka ukuthi abantuabadala banikwe imfundo ephansi.
Imfundo namakhono kathisha nezinto zokufundisa ezisetshenziswayo kulezizikole, kumele zibe ezohlobooluphakeme.
Cabanga ngemfundo yabantu abadala endaweni yangakini.
Banayo yini indlela yokufinyelela emfundweni abantu bangakini?
Uma kungenjalo, ucabanga ukuthi yini ndaba Yenza uhlalwezizathu ongazicabanga?
Misa ikomidi labantu abanesifiso abasuka kuyoyonkeimiphakathi efuna ukuzibandakanya kulolohlelo. Ikomidialidingi ukuba nabantu abaningi. Kodwa ukuze kugwenyweizinkinga nokwenza uhlelo luqine, kufanele limele wonkeumuntu. Lokhu kusho ukuthi abantu abakulo kumele bakwazi ukukhulumela bonke abantu bomphakathi abathintekayokulolohlelo.
Tshela uthisha ukuthi enza loluhlelo lokuhlolwa, uma konke ukuhlolwa sekubhaliwe, uzobona ukuthi udinganinjengokuthi isibalo esingakanani sabafundi abazongenakuziphi izifundo futhi kusiphi isigaba.
Amalungu ekomidi kumele avakashele izindlu zokufundelangasosonke isikhathi ukubona ukuthi konke kuhambakahle.
Imaphi amathuluzi okufunda adingwa abafundi?
Kodwa kumele singakhohlwa ukuthi labantu abadalakungenzeka ukuthi bazifunela ukwazi ukufunda nokubhlalaukuze bakwazi ukukusebenzisa, hhayi ukuthi bafunaukukhuphuka nezinga lemfundo. Isakhiwo esisha sifakazonke izinto njengamakhono okuphila, ukuthahta imibikongocingo, ukusebenzisa umshini wemali (ATM), ukukhiphanokufaka imali, ukwaba imali ekhaya, nolwazi olunyeoluningi ngezempilo, ezikaHulumeni wendawo, ingculaza, ukunakekelwa kwezingane, ubuhlengi basendlini, amalungelo abantu, ukulima, ukuqala ibhizinisi elincane- uhla lungeke lwaphela.
Ibukeka kanjani indlu yokufundela yabantuabadala?
Uthisha owuhlobo oluhle kakhulu yilowo ozithembayo futhiohlonipha abafundi akwazi nokubona okufanele bakufunde, futhi amise izikhathi zokufunda zihlangabezani nezidingozabafundi. Othisha abahle abangabantu abafundiabakhululekayo ngabo. Baqhuba izifundo zabo ngendlelaenobungani futhi ekhululekile kodwa futhi bengachithiisikhathi sabafundi.
Izinhlangano ezizimele kumele zibambe iqhaza elibalulekileemiphakathini lapho amaPALC kaHulumeni kunzima ukuwamisa.
Izindawo zokufundela zingaba amasonto, amahholo omphakathi, imitapo lwazi noma amakhaya.
Abafundi abangabantu abadala ngokujwayelekile bangangenelafuthi bahlale ezinhlelweni ezikhombisa izinzuzo ezisheshayo, noma ngabe babhekana naziphi izinqinamba, njengobuphofu, impilo engeyinhle, ukukhubazeka, izindleko zokugibela kanyenendlala. Imihahiso yokukhuthaza ukungenela nezindlelaezihehayo zokususa izinqinamba kumele kusetshenzelwe phezukwazo.
Imfundo ingaphezu komnyakazo wendawo, iwuhlelo abantuabakhulisa futhi bathuthukise ngayo ubuntu babo. Indimayezinhlangano zezakhamuzi ekuletheni imfundo iya ngokubalulekakakhulu. Kunesidingo sokuvuselela izinhlangano zomphakathiukuze zibambe iqhaza eliphakeme emfundweni yabantu abadala.
